Ukuphupha ulwa sizochaza leliphupha lokuphupha ushaya abantu
Ukuphupha ulwa - in english it means dreaming fighting.
Ngabe kwenziwa yini ukuphupha ulwa, ushaya abantu, noma ushawa ngabantu, ubetha umntu,
Ngesinye isikhathi uphupha ulwa nomuntu umshaye aze afe.
Lokhu kusafana nokuphupha uxabana nomuntu or nabantu. Kuyenzeka ubashaye ubaxoshe
ngesinye isikhathi bakushaye bakuxoshe ubaleke uma unesiphiwo samandla uzibone undiza ephusheni.
Ngiphuphe ngilwa nomawami or ngiphuphe ngilwa nomzali wami, ngabe leliphupho lichaza ukuthini na?
- Leliphupho lichaza ulaka onalo, lolulaka luvela ngisho emaphusheni, kungenzeka udinga
ukuthatha izifundo ze anger management noma uthande ama practise eyoga ukuze wehlise ukuthukuthela emqodweni wakho.
- ngiphuphe ngishaya ngikhahlela umuntu, Ukuphupha ulwa kungenzeka kube yindlela yokukhipha ulaka onalo noma ukungajabuli empilweni yakho.
Kungenzeka awujabule othandweni, kungenzeka awujabule emsebenzini, kungenzeka awujabule ekhaya lapho
kunokungezwani, yonke lemizwa ibuya ngephupho sewucasukile, ushaya abantu ube nolaka.
Ake uzibuze ukuthi yini ekuphethe kabi empilweni yakho.
- Ukuphupha ulwa, ubetha, ukhala, umemeza, ukhahlela, uyashaya, udubula noma udutshulwa, ugwaza, noma ugwazwa.
Leliphupho lijwayele ukuchaza ukuba nesilwane. Uma ungenaso isilwane kungenzeka kunemimoya emibi lapho ulala khona,
ezinye izindawo ziyaba nezipoki, uma umuzi wakhiwe lakukhona amathuna amadala mhlambe nani eningasawazi,
noma uma ulele embhedeni nomuntu onemimoya, leyomimoya iyasalela kuwena ihambe nawe - ingakho kubalulekile
ukuziphatha kahle ungahambe ulala. Uma uhlala emqasheni noma indlu esetshenziswa abantu abaningi kumele uyikiline leyondlu
uthunyise imithi efana ne izinyamazane , uchele ngemithi exosha izilwane nezipoki endlini.
-
Leliphupho futhi liyaba yi sign yamaphupho empumelelo, uma uphupha ushaya abantu ubanqoba kuyaba wuphawu lokuthi
unamandla njengo samson akekho umuntu ongamelana nawe, kungenzeka lube wuphawo lokuthi le business
oliqalayo lizophumelela noma lemicabango onayo izoba yimpumelelelo.
-
Ukuphupha ulwisana nomuntu osewashona or oshonile, kuchaza ukungahlambuluki phakathi kwakho naye.
amanye amaphupho ahambisana naleli, ukuphupha uxabana nomuntu osewashona, uthethisana naye, ubethana naye.
uphikisana naye.
Zibheke ulwa nani ephusheni?
ngabe ulwa nomfowenu, udadewenu, usisi wakho, umama wakho, ubhuthi wakho, ulwa nesilwane, ulwa nendoda yakho,
noma ulwa nentombi yakho
?
ngiphuphe ngixoshwa ekhaya , ngihamba ekhaya ngabe kuchazani lokho?
Kuyenzeka uphuphe uxoshwa kini, lokhu kuchaza ukuthi izindlela ozihambayo seziphambene nenqubo yasekhaya.
Ukuphupha ulwa nekati kuchaza ulaka onalo empilweni lapho usukela khona abantu abangakonanga,
ikati isilwane esithulayo esingoni muntu.
post tags: ukuphupha, ukuleqwa , uyaleqwa, imela, umese , isixhosa,umkhonto, ummese, intshumentshu, isizenze
Read more dreams below
Imithi iziwasho
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
Ulwazi ngemithi eyizihlahla
Ulwazi ngemithi ethakiwe
Read more ngamaphupho...