Iphupho nencazelo:

Ngiphuphe nginethwa imvula ngabe leliphupho lichazani? Ngabe kusho ukuthini ukuphupha usemvuleni noma uphuphe isimo sezulu elimbi liduma, likhemezela , amafu amambi, linetha. Umoya omkhulu omumbi ophephula izinto, isichotho. Kungaba futhi ukuthi uphuphe izulu elimbi elihlomayo, amafu amnyama phezulu, isishingishane somoya. Kungenzeka uphuphe izikhukhula, uphuphe imibani ishaya phezulu. Leliphupho lichaza okubi, akulona iphupho elihle leli.

Incazelo:

Leliphupho lichaza intukuthelo, kukhona abakucasukele, kungenzeka kube ngabantu abadala bakini asebashona abathukuthele, noma kube ngabazali bakho abasaphila, ukhumbule abazali bakho nabo bayidlozi, uma bethukuthele ngawe amaphupho anjena ayaqhamuka.

Read more dreams below Imithi iziwasho

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp
Comments
Buhle Guma 2022-06-23 08:08:41
Ukuphupha izulu liduma kodwa imvula ingani futhi kungasibekele.kuchazani?
Zinhle mbonani 2022-08-22 15:43:27
Nami lapha nginomubuzo kowa ukule kancani . Uma phupha ushawa umubani lightning Imvula inganithi kodwa lifukame ngamafu amunyama
Lwazi Dobe 2023-03-04 01:24:14
Molweni. Ndicela ukubuza xa uphupha izulu liduma linetha nesichotho kubaneka nokubaneka ,kodwa uthi xa uphuma phndle ngoba linetha kodwa imvula ingakwenzi manzi kuchazani oko
Sakhile kili mthembu 2023-10-15 01:12:24
Ngiphupha izulu liyaduma kodwa alinethi futhi alihlomile ngihamba nabantu engfunda nabo ingathi sbuya eskoleni siyemzini wesilo

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe

Read more ngamaphupho...