Iphupho nencazelo:

Ngiphuphe ngisukelwa abantu, izinkomo, amaphoyisa or iphoyisa noma amasosha. Izolo ngiphuphe ngibaleka ngisukelwa abantu befuna ukungishaya. Lamaphupho alandelayo asho into eyodwa: Ngabe kuchazani ukuphupha usukelwa izinkomo, amapolisa ahamba nezinja , ubaleka zikujaha. noma ukuphupha ubalekela izinja zikusukela zikukhonkotha noma zikuluma. noma uphuphe ushawa ngabantu wena ubaleka. Ukuphupha umuntu wakini owashona ediniwe, noma ethukuthele, noma ecasukile.

Incazelo:

Abantu bakini abadala abathokozile yicala leli onalo ingakho bekusukela , kunenkinga ezayo empilweni yakho ngenxa yokuthi abajabulile. Iphupho alisho ukuthi amadlozi wahlabele noma adinga utshwala kodwa lichaza ukuthi awathokozile, kuhle uye kubantu abahlolayo uzwe ngabo ukuthi kumele wenzeni. Iphupho lamaphoyisa lijwayele ukuhambisa nokuphupha uboshwa noma uphuphe ijele noma usejele.

ukuphupha uleqhwa ngama Polisa kuchaza izinkinga ezizayo empilweni yakho. Ukuphupha ujahwa abantu kuchaza ukuthi kunento oyifihlayo empilweni yakho ekuphethe kabi okumele uyikhiphe, kuneqiniso obaleka nalo okumele ulikhiphe lizwakale, kungenzeka awujabule othandweni noma kwi relationship noma emsebenzini wakho.

Read more dreams below Imithi iziwasho

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp
Comments
Dumi 2022-01-26 16:00:58
I like the pag
Lethiwe Mathonsi 2022-04-09 09:56:52
Ukuphupha kusuka impi phakathi kwabantu ohlezi nabo behlukene kabili abanye bayadubula abanye bayanyonyoba badiniwe bachela upetrol ukuze bashe baphele and mina kulowonzuzu ngithatha isigubhu sikapetrol ngibaleka naso ngibe ngikhulekela abasele ngemumva ukuthi alungaqhubeki udlame nam sengiyasaba ngoba abadubulayo badibula kwasani avalubona lubaleka
Phumza Sani 2022-06-26 19:54:49
Ndiphuphe ndisendlini kodwa asiyoyam lendlu ndikuyo iyi-bighouse eyam ngu-4rooms ingathi sibaninzi kule ndlu kuvele amasoja sisacula angene athathe aba bantu bendicula nabo babakhuphe besithi baying Ola ndizimele mna nonyana wam xa ndijonga phandle kunemvuselelo enkulu yecawe eculayo esitalatweni emva kwayo kulandela amasoja athi ayigadile
Phumza Sani 2022-07-10 09:30:52
Ndiphuphe ndileqwa yinkomo eblack and white ndabaleka ndotshona ezindongeni ingathi ndiphethwe sisifuba kwaye siyangxola is ifuna sam ndiyazama ukukhohlela kuba ndifuna lenkomo ingandazi apho ndikhoyo xa ndikroba iyandikhangela imamele esi sifuba sam kwenzela izokundifumana ndahamba ngomfula ndayophumela phambili endleleni yabe iyandincama
Zanezwe Mbele 2022-09-14 07:36:16
Sanibonani Kuchazani Ukuphupha Uhamba Uxosha Imali Emhlophe phansi bese kuba khona umuntu okuphazamisayo usaguqile akuqindele phansi,ubese uvukwa yidlozi kumemeze umuntu ongamboni Ethi suka wena kuleyongane,ethi engasuka uwe bese kuchamuka ihhashi elibomvu likujampe liphinde likubuyisele uvuke ume ubese kuza inkomo igijima ngathi iwuhlanya iza kuwe ubese uyandiza uyaphezulu uma iza ngapha kuchamuke i taxi emhlophe undize uhlale phekwayo ibese igijima yosithela inkomo,Ulokhu undiza imali emhloph
Thobile mazibuko 2022-11-08 23:00:49
Ngiphuphe ngibamba indoda nentombi kanti isimithi,ngacasuka ngabashaya ngaze ngayoshisa nomuzi wakhabo kantombi.indoda yangala ngabona kuloyomuzi beyigcobq ngomuthi.emveni kwalokho washa umuzi ngentombazane Min ngathathwa amaphoyisa

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe

Read more ngamaphupho...