Yini amanzi? amanzi is called water in english, imvula is called rain in english. Ngiphuphe amanzi, Ukuphupha amanzi kuchaza izibusiso , kuchaza ukuthi izinto zizokuhambela kahle. ukuphupha ulwandle kuhlangene namadlozi nabantu abaphansi, uma uphupha ulwandle luluhle lucwebile kusho ukuthi abantu abadala bathokozile, uma uphupha ulwandle olunolaka kukhombisa ulaka lwabaphansi lokho. Ukuphupha impophoma kungachaza ukuthi kumele uyogeza empophomeni ukuze uhlanzeke, kungenzeka kukhona okuncolile okwenzile, ziningi izinto ezincolile abantu abazenzayo kumele uziseshe wena ubone yini oyenzile. Ukuphupha ubhukuda /unqgumba or ubhabhadiswa emanzini kumayelana nenhlambuluko. Ukuphupha unethwa kusho izibusiso ezizayo, imvula iyisibusiso neziphiwo. Ukuphupha izulu liduma, imibani, isichitho, izikhukhula kungase kuchaze ulaka lwabaphansi.

Read more dreams below Imithi iziwasho

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe

Read more ngamaphupho...