Yini imbuzi? ngesingisi sithi imbuzi is a goat. Ngiphuphe imbuzi, Kusho ukuthini noma kuchazani ukuphupha imbuzi? ukuphupha imbuzi emhlophe kuchaza inhlanhla, bese kuthi ukuphupha imbuzi emnyama kuchaza amabhadi, ukuphupha imbuzi izala kuchala ukwandiselwa konakho, ukuphupha ingane yembuzi - izinyane kuchaza ukuthi kunokusha okuzovela empilweni, imbuzi ewumbala ompunga ichaza amadlozi akade ekuvakashele, izinto zakho zizohamba kahle . imbuzi ebrown noma ebovu yona imayelana namadlozi kungenzeka sekudingeka uhlabe noma kukhona okudinga ukwenze okumayelana nedlozi. ukuphupha izimbuzi eziningi noma umhlambi wezimbuzi kuchaza umcebo, ukuphupha uhlinza imbuzi kungenzeka kunendaba ezovela noma singathi kunento ezokwenzeka. Ukuphupha uhlaba imbuzi kuchaza ukuthi amadlozi alambile sekumele uhlabe. Ukuphupha imbuzi idliwa inyoka eluhlaza, kuchaza ukuthi sekumele uhlabele amadlozi alambile. imbuzikazi enamazinyane amaningi kuchaza umcebo ukwandiselwa ukuthuthuka ukuya phambili. Ukuphupha uwasha/ uhlamba/ ugeza impongo kuchaza ukuthi abantu abadala kumele bagezwe. Ukuphupha ulusile izimvu khona kuchazani?

Read more dreams below Imithi iziwasho

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp
Comments
Zwelisha tshabalala 2022-11-04 16:24:23
Ukuphupha sihlinza imbuzi emithi kodwa izinyane livuke liphile

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe

Read more ngamaphupho...