https://www.youtube.com/watch?v=LBS9bhXgO5E

Ngibangwa izidalwa ngenzenjani?

Ngabe kuchazani ukubangwa idlozi or ukuba abadala? Ukubangwa ngabadala noma yidlozi kuchazwa lapho umuntu ebangwa yizibongo ezimbili esika baba wakhe kanye nesakamalume wakhe. Ngenxa yokuthi sixoxa ngosiko umshado wesilungu sizowuthatha njengento engekho. Inkinga iqala lapho umama wakho ekuthola engashadile, bese eyashada nawe kumele ushadiswe phela. Bakhonake abanalenkinga kodwa abazalelwe emshadweni kodwa kukancane lokho kwenzeka. Isikhathi esiningi yenzeka uma lona omdala engakhishwanga. Ingane ezalelwe ikhaya ibizwa ngomlanjwana, Yini UMLANJWANA , yingane ezalwe ngabazali bobabili abangashadile, kunomahluko phakathi komlanjwana kanye ne vezandlebe, ivezandlebe ngumuntu ozalelwe ngumzali oyedwa emshadweni lona omunye umzali ungaphandle komshado. Uma uzalelwe ekhaya, amadlozi akho ilawa akamama, nesibongo sakho ngesikamama.

Nazi izinto okumele abantu bazilandele ukuze izinto zosiko sizoqonda. Uma ingane itholakele ekhaya abazali bengashadene, kumele lezinto zesintu zenzeke.

  1. Ukugeza umuzi wakini - intombazane lena ezalele ekhaya, kufanele enze imbuzi emaqondana naye axolise emakhehleni ukuthi ube nonntwana layikhaya engashadile Leyombuzi inyongo kuchelwa ngayo igceke lonke.
  2. UKUHLAWULA, kwenziwa ngumuntu wesilisa - inkomo kamama nekababa , ukugeza umuzi, kanye nembuzi yezintombi. *
  3. UKUTHENGWA KOMNTWANA, kwenziwa ngumuntu wesilisa - izinkomo *
  4. UKHISHWA KOMNTWANA,d kwenziwa ngumuntu wesilisa - umntwana ukhishwa ngembuzi komalume, amukelwe ngembuzo kubo kababa.
* le star sichaza ukuthi kungenzeka inani lezinkomo lingalingani lapho uphuma khona, noma kunjalo kodwa lama steps woma-ne kumele enzeke. Uzoqaphela ukuthi ngibhale inkomo (cow) kamama nekababa , uma wamfica esevele esonakele kwenziwa kanjani lapho? Impendulo uyayazi mfundi lapho kwi phone.

Uma ubaba wakho engafuna ukuthi uze ngakuyena akunankinga nalokho. Wena hlaba imbuzi komalume, uqede umbango ngawe. Awuzobaxosha laba abakababa wakho cha, kodwa uzonikeza abakomalume igunya lokhuthi bashaye imithetho ngawe kugcine bona. Amadlozi akobaba wakho uma efuna okuthile azogxumana namadlozi akomalume axosisane nawo, ngaleyondlela umbango ngawo uzophela nya. Uzoya emsamu, bakuthule ukuthi ungubani , uzalwa ngumabani, uyabikwa, ungowalekhaya, mabakuphe izinhlanhla, bakhanyise izinto zakho, bakuvikele, emva kwalokho ufake isiphandla. Umuthi awuzowusebenzisa. Umuthi uzowusebenzisa lapho kuxatshenwe kubangwa wena, inyanga eseduze nawe izokunika umuthi wokubangwa yidlozi.

Kunento ejwayele ukwenzeka lapho umuntu ebizwa ngesibongo sakababa kwi ID , kodwa yena ungowakwamama impepho uyishisa komalume, nesibongo asishiyo uma ebuzwa usho sakomalume, umbuzo wami ke uthi uma usebenzisa isibongo sikababa kwi ID, ukwenzeleni lokho? ngoba uyazi ukuthi akusiso esakho, okwesibili izingane zakho zizobiza esiphi isibongo zona uma zifuna esakamama? Ake silungiseni izinto sisaphila. Ukuthatha ingane uyibize ngesibongo sikayise engakhiphanga ngisho isenti kuwukuziqhatha nezidalwa, ngisho naleyongane uyimbela igodi iphila ngoba uma sebeshona bonke abazali koba ngumthwalo wayo, ukuzitakula.

Umbuzo ke, ngubani othenga lembuzi? Abantu abathenga lembuzo ngomalume, uma bengasebenzi ke ngenxa yesimo somnotho, yithenge imbuzi bona bayithenge kuwena noma ngo R50 ke. Uma uR50 umkhulu noma ke ngo R10.

Lungisani Mdlangathi Ngcela ukubuza Uma ngabe bashada kodwa kuthiwa ubangwa izidalwa futhi uphethwe esasekhaya komama kodwa uzalelwe kuboka Baba wakho ungumagcino futhi ongoka theni ezinganeni kusuke kwenzekani ulungisa kanjani

Sipho Mkhize Kuyayekwenze uthole ukuthi vele nje wena uphethwe komalume konke wena ukuthola ezidalweni zakomalume. Manje inkinga ikibe sethi laba bakomalume masebefuna ukukunikeza isipho esithile sikusebenza. Manje ebekubakhona into ephazamisayo ekhaya kini iphazamisa abakomalume ebese umsebenzi wabo abafuna ukuwubeka kuwe uphazamiseke. Manjeke labo bakomalume babenakho ukukhalaza ebese kubengathi wena ungayisw komalume uyokwenzela khona ulashwe khona. Bt kuningi nendiki futhi nalo liyakwenza lokho umakwelakomalume. Kodwa kufuna ukuthi lowo okuhlolelayo akuchazele ukuthi ubangwa ndlelani. idlozi lakomalume

Funda ngemithi

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
Ngicela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphupha ufake iziphandla ezimbili esandleni sokudla, esimuhlophe kanye nesinsundu, kodwa uMama noBaba abashadile uBaba wagcina ngokuhlawula kuphela.
Ngicela ukubuza ngabe ngibangwa yidlozi yini ngazelelwa ekhaya umama before ashone ngabiza isibongo sako babam wathi ese shonile umama wakhe no babakhe bangi tshintsha isibongo ngabisa esakhabo mama ngoba waye ngashadile manje ngihlushwa yindiki angisazi kmele ngenze njani bangi tshintsha isibongo ogogo benga ngenzelanga lutho manje
Ngicela ukubuza ubaba akangihlawulanga komalume kodwa ubaba kababa wangena nami esibayeni wangibika emakhehleni wangigcaba so sithini isisombululo