Ulwesihlanu wusuku lothando, nobumbano. Ngalolusuku ungafaka imibala eminingi ehlukahlukene kodwa imibala yosuku wu-pink noma aqua.
Lolu wusuku olumnyama, lapho kukhishwa khona amabhadi, kuqedwa amashwa, usuku lokuzivikela ezitheni nokuvikela izinto zakho okungaba umuzi noma umcebo. Uqgoka izingubo ezi-mnyama, navy blue, gray noma dark purple.
Ikhandlela lenziwela izinto eziningi, okungaba: ukususa imimoya emibi, ukuthola umsebenzi, ukuthola uthando, ukubuyisa obuthandana naye, ukuthola i-loan ebank, ukuwina icala enkantolo noma emsebenzini, ukuthola umsebenzi, ukungenisa ama-customer esitolo sakho, ukuphuphisa umuntu, ukuxhumana namadlozi, ukuletha izinhlanhla, ukuxolelana nomuntu oxabene naye.
Kuningi ongakwenza ngekhandlela. Ngokwazi kwami, ikhandlela lenziwela umuntu, hayi umshini. Isibonelo: ngeke uthi umshini we-lotto mawukhiphe izinumber ezithile, kodwa ungakwazi ukwenza ikhandlela lakho ukuthi ube nenhlahla yokuwina i-lotto. Ngeke wenze ikhandlela elithi i-computer yenkantolo mayilahle idokodo, kodwa ungenza ikhandlela elithi ijaji malikuwinise icala noma wenze ikhandlela lokuthi ofakazi babe nokusaba bakhulume into engekho. Ngicabanga ukuthi umahluko ngiwenze wacaca.
Uma wenza ikhandlela kumele uzitshele ukuthi akukho okuhlula wena, lento oyenzela ikhandlela izophumelela nakanjani. Kumele ube positive. Ngalesikhathi ulayitha ikhandlela uyalibuka ucabange ngemiphumela emihle. Cishe udinga ama-minutes aphakathi kuka 10 no 15 ubuka ikhandlela lakho, ujulile ucabanga ofuna kwenzeke. Udinga indawo ethulile lewungezophazamiseka khona. Kumele uphefumulelele phansi, ngamakhala, uwudonse umoya ubuye esiswini, ubuke ilangabi lekhandlela, uzoqaphela ilangabi liya ka-left naka-right likhula lehla. Umcabango wakho kumele ukhulume nalowomuntu umtshele ukuthi yini ofuna makayenze. Ngalesikhathi umtshela ngenhliziyo ukuthi makenzeni kumele ubuke igama lakhe leli oliqophe ekhandleleni. Ungajahi ukuqeda umxovo wekhandlela. Ungakhekhelezi, wenze ngesizotha, ukuzimisela nangothando. Sebenzisa lokhu esikubalile ngenhla okuyi law of attraction. Ukhumbule ngalesikhathi wenza i-meditation you are building energies, ikhandlela liyithuluzi lokuthumela lawoma-energies.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |