Amanzi ano-salt ayasebenza njengomuthi. Udinga ukujula ucabange phambi kwamanzi akho. Wenze i-meditation ucabange ngento ofuna yenzeke. Udinga ukuba kwi-mood e-right, ungawathinti amanzi uma uthukuthele noma udiniwe. Emva kokuba wenze i-meditation emanzini akho cishe ama-minutes amathathu kuya kwangu-15, bese ucela Amandla amakhulu akusize lokhu ozokwenza kuphumelele. Usungakhuluma ke usho konke ofuna kwenzeke.
Lamanzi akho ano-salt ungawabeka endlini lapho ulala khona, yonke imimoya emibi ezofika endlini izongena kulamanzi ano-salt, namaphupho amabi ahambisani nemimoya emibi azophela. Uyageza ngamanzi ano-salt ngaphambi kokulala, lokho kuzokuvikela kwimimoya ebusuku.
Lapho kukhona umuntu okuntshontshele into ofuna ukuyibuyisa, ubilisa amanzi estofin uwafake usalt, bese uthatha iphepha ulenze izingcucu, ubhale amagama abasolwa, uzobiza igama lomsolwa, uthi uma kunguye akayibuyise impahla, uzokwenza 1 by 1, ubize igama ulifake emanzini abilayo.
Kubalulekile ukusebenzisa amanzi akilini, ukuze izinto zakho zicace. Amanzi akilini ngamanzi olwandle. Zikhonake izizathu ezingenza ungasebenzisi amanzi olwandle emithini yakho, ilapho kumele usebenzise khona amanzi akhiwe emfuleni ngosuku olune-fullmoon, isibhakabhaka sisihle, lawomanzi ahlanzekile azokwenza izinto zakho zikhanye. Uma uhlala elokishini lapho imifula ikude khona uyakwazi ukuzihlanzela amanzi ngokuthatha amanzi ompompi, uwafake kujeke, bese ufaka imali emhlophe uwakhiphele ngaphandle ngosuku lapho inyanga igcwele khona, kumele ahlale ngaphandle ubusuku bonke, axhumane nenyanga egcwele. Enye indlela yokukilina amanzi ukuthatha amanzi akho ompompi uwafake u-sea salt.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |