Previus Page

Incwadi yamakhandlela

Holly Ash

Ngaphambi kokusebenzisa i-holly ash, kumele uthandaze kuqala, i-holly ash isentshenziselwa izifiso ezinhle kuphela, ungayisebenzisi uma uhlose ukudlala ngomuntu. Ngaphambi kokukhafula ngayo, kumele ubheke ngasendaweni evulekile, okungaba yi-window noma isicabha. Bese uthela i-holly ash esandleni sakwesokudla, ukhulume isifiso sakho. Emva kokukhuluma isifiso sakho, uzobe usuyaphephetha ngomkhulu umfutho. Uma ufuna ukwelapha umuntu nge-holly ash, lowomuntu kumele abe phakathi kwakho nendawo evulekile njenge-window nesicabha, uzobe usuyakhuluma isifiso sakho bese uyaphephetha uqondise kulowomuntu.

Izinkolelo zemali

Lezinkolelo zisetshenziswa kwamanye amazwe, ake uzizame ubone ukuthi umahluko wemali uzowubona yini.

Imali Ibiza enye imali

Ungayiphiki imali, Yeka ukuthi awunamali, yeka ukuthi uyahlupheka. Kunesisho esithi “imali Ibiza enye imali”. Hlala unemali eningi emhlophe kwi-wallet yakho. Beka imali emhlophe eningi yonke indawo, endlini yakho yokulala, emotini, edeskini emsebenzini. Mina ekhaya lami ngino 2 litre ogcwele ama-coins amhlophe kuphela. Lemali oyibekayo izokubizela enye imali, uzobona u-wina, uzobona ubanenhlanhla yemali.

Ukuphupha

Uma uphuphe iphupho elinalokhu okulandela vuka uyodlala i-lottery noma uyogembula, noma iya ko-faka ama-cv kuma-company. Nansi i-list yezinto ezikhomba umcebo ephusheni: imali, ingulube, ubisi, uju lwezinyosi, igolide, inyama, ushukela, ibhubesi, indlovu, inkomo emhlophe, inyoka emhlophe.

Funda ngemithi

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp
Comments
Lindiwe Mayekiso 2020-09-08 19:36:40
Kudala ndizama mthandazi akude kulunge kakhulu kwisimo sezezimali
Amanda Nkosi 2022-01-03 20:45:22
Bheka mina ngedwa oil noMlomo omnandi sibenza njani
Sanele Ngcobo 2024-12-31 06:29:05
Ngavuka njer mina ngyogembula ngiphuphe ngiwina amacoin amaningi ngafike ngadliwa kwenziwa yin

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe