Ukuzehlisa isisindo
Loosing weight
Redchilli pappers
Ukudla upelepele nakho kuyasiza ukuthi u-loose isisindo, upelepele uhlasela amafutha kanye nomkhaba.
Amanzi
Amanzi awusizo kakhulu ekwehliseni isisindo somzimba, kumele uphuze ama-glass angu-8 amanzi ngosuku. Uma uvuka ekuseni - vuka ngamanzi afudumele ano-lemon ngaphambi kokuthi udle.
Cinnamon
Yi spice lesi esimnandi ekudleni, sifake ekudleni kwakho siyasiza ekwehliseni isisindo. U-cinnamon ke wehlisa izinga lashukela, wehlise namathuba okuphathwa yisifo senhliziyo.
Gyme
i- Cardio iyasiza ekwehliseni i-weight kanye nomkhaba, kwi cardio kubalwa: ukugijima, ukugibela ibhayisikile kanye nokubhukuda.
Mayelana nohlelo oluright lokwehlisa isisindo xhumana nendawo yoku jima eseduze nawe. Ukujima kukodwa kakuyehlisi i-weight kumele kuhambisane ne-diet eright.
Kumele ngosuku ugcithe isikhathi esingaphezu kwa-30 minutes uhamba lokho kunempilo futhi kuzokwehlisa isisindo nomkhaba.
Juice yokwehlisa isisindo
Hlanganisa i-spoon soju olu-natural, i-spoon se-cinnamon, i-spoon sika-lemon kanye nenkomishi yamanzi afundumele. Ziphuzele lokhu njengetiye, uzowubona umahluko.
Ukudla okumele ukuyeke
Hlukana nezinto ezinoshukela no-salt, ehlisa ekudleni okune-starch. Kumele uhlukane nalezinto ezilandelayo: iziphuzo ezingama-soft drinks, amakhekhe, Ice cream, isinkwa esimhlophe, u-swidy, ama- desserts, ama-juice lawa-adayisa esenziwe esitolo. Esikhundleni sokuphuza ama-juice ama-fruits asesitolo zakhele eyakho ekhaya, lamajuice asesitolo agcwele ushukela omningi ofakiwe.
Ukuphuza utshwala ngokweqile kungakwenza unyuke isisindo. Obunye utshwala bunoshukela omningi, ungabuphuzi nhlobo lobo. Kumele ushukela emzimbeni ube ngo-balanced, akumele udle ukudla okuzonyusa izinga likashukela emzimbeni.
Ungakudli ukudla okuthenge sekuphekiwe lokhu okubizwa ngama-fast food, lokho kudla kunezinto eziningi ezingenampilo nezingenza uthole isisindo. Uma wenza itiye sebenzisa uju olu-natural esikhundleni sikashukela. Ukudla okubhalwe ukuthi low fat, akusho ukuthi uma ukudla uzokwehla isisindo,
kuyenzeka ukudla kube yi-low fat kodwa kube noshukela omningi. Ungawuthengi u-Popcorn lona osuwenziwe uba no-salt omningi, zenzele wena u-popcorn ekhaya.
Hlukana nama- fried ase-lokshin azokwenza ukhuluphale ngokushesha. Uma uthenga amanzi estolo ungawathengi lawa afakwe ama flavors, ungayithengi i-flavoured yhogut. Ungawudli uchappies unoshukela omningi. Ungayidli i-pizza no-Pie. Shintsha i-rice emhlophe udle i-brown rice. Wayeke Ama-sauces ano-cream nano cheese. Emva kokudla ubothatha i-walk encane.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
Ulwazi ngemithi eyizihlahla
Ulwazi ngemithi ethakiwe