Zama ukudla okungenawo u-salt, u-salt uthatha amanzi emzimbeni, lokho okwenza isikhumba singawatholi amanzi anele. Idla ama-fruits kanye nama-vegitables.
i-Ph yesikhumba kumele ibe seduze kuka 5.5, lokho okusho ukuthi iskhumba kumele sibe acidic, uma isikhumba sakho sikude ne-PH ka 5.5 sizoba nezinduna, sicwebezele, sibe namabala nezinye izinkinga. Ziningi izinto ezingathikameza i-PH yesikhumba sakho, okubalwa insipho. Kumele wenze isiqiniseko sokuthi insipho oyithengayo ibhaliwe ukuthi ayiyilimazi i-PH yesikhumba, Uyakwazi ukukala i-PH yakho ngokusebenzisa i-PH testing strips. Indlela elula yokubuyisa i-PH yakho ukusebenzisa i-apple cider vinegar emva kokugeza, faka i-tea spoon emanzini angangenkomisi, ebese wesula isikhumba sakho ebusweni noma sebenzisa u-lemon, thatha u-ucezu luka-lemon wakho uwuconsisele emanzini akho angangenkomishi bese usula ngawo ubuso.
Uma ulandele lama-step amane uzoba nesikhumba esihle esicacile, esingenamabala nesithandekayo. I-Cleansing eyokukilina isikhumba, siphume ukuncola. I-Exfoliationg yona ixebula isikhumba esingaphezulu esifile ishiye ubuso bunesikhumba esifresh, i-tone yona yenza isikhumba sithambe, siqgame, sibukeke sisihle yenze ne-PH yesikhumba ibe balanced. Moisturizing yenza isikhumba singomi. Lemikhiqizo iyatholakala kuwowonke ama-suppermarkets.
Usiza esikhunjeni esine-kiwi, ama-scretch marks nesikhumba esibukeka kabi. Thatha upapaya uwuhlikihle esikhumbeni sakho esinenkinga, bese uyasiwasha. UPapaya futhi wenza isikhumba sikhanye. Yisebenzise zonke izinsuku uzowubona ngokushesha umahluko.
Udinga ama-teaspoon amathathu e-rice emanzini ayizinkomoshi ezimbili, uli-boile ama-minute angu-25 i-rice lakho. Amanzi erice azokunika Amandla. Geza ngawo uma ukhathele kuzophela ukukhathala ube-fresh. Amanzi erice anomsoco omningi odingwa isikhumba sakho, ngisho nasekhanda uyageza ngawo amanzi erice. Amanzi erice asusa amabala, elaphe isikhumba esilumayo, esimbi, asuse izinduna, elaphe isikhumba esishiswe yilanga futh enze isikhumba sibe sihle. Thatha indwangu uyicobhoze emanzini akho erice bese uhlikihla ubuso in circle motion, bese uyakuyekela kome. Kumele ukwenze lokhu cishe kanye ngeviki. Amanzi erice uyawafaka ezingutshen ezimhlophe ukuze zibe ne statch. Uma ukhishwa yisisu, thatha amanzi erice abilile ufake no-salt bese uyaphuza isisu sizophela.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |