Abaprofethi umuthi bayangena emthini yokukhuphula isithunywa. Banyangena kumagobongo. Uyasetshenziswa ukubona izinto esibukweni. Uyangena emthini wokudonsa amathwasa. Uyawusebenzisa ukucacisa amaphupho, nokuveza izinto emaphusheni.
abaprofethi umuthi uhambisana nezinto zedlozi kanye nesithunywa isikhathi esiningi. abaprofethi bayahlanganiswa neminye imithi ukuze wenze izincabo zokubhula. Uma idlozi lakho lithule lingakhulumi lomuthi futhi uyathakwa ukuze wenze idlozi likhulume.
Ukuhlamba izidalwa zingeniswe ekhaya kuyinto ebaluleke kakhulu. Uma ungakwenzanga lokhu ujwayele ukuba nezinkinga empilwenil Uma uhlushwa imimoya yedlozi kumele uyilungisele ngoba ivele ivale konke empilweni yakho.
Yandoo Lumka Durban Ngiyakhuleka emakhosini ngicela ukuhlala endabeni.Ingane Yami ina17 iyisangoma esihlolayo kodwa esingawazi umuthi .Ugabela wayo esathwasa khona wayefihla amagama emithi .Wayemnika isihlangene angamtsheli ihlangane kanjani.Ngoba wathi usemcane uqale ukuthwasa ena15yrz Namanje akakaphotholi .Ngoba logabela usifuna imali ngathi kanjani ingane ithi Wena awuyitsheli indlela yokwazi imithi. .Omunye uthe uDinga inkomo ngokuyifundisa ingane imithi.Sadidekile Okwamanje .Ngicela ukubuza Uma kunjena wenza kanjani
Nkosy Nzama Wecc umthetho wesangoma aselaphi siyahlola kuphela noma sihlahle
Nelisiwe M Masondo Ukuthwasa cc akukona ukufunda imithi, umuthi uzowufunda aze afe ngoba vele awuqedwa, nina bhekani kuphela ukuthi idlozi leli alizilele libukhali na. Udaba lokufunda imithi lulula kabi uyofundiswa omunye nje umuntu mhlawumbe angafuni ngisho inkomo, leyonto ifana nokubhula ngamathambo akufundelwa ephehlweni ufundiswa nje umuntu thizeni uma ufuna ukubhula ngamathambo. Nina phothulani umntwana mhla nixoxa ezokumphothula bese nibuza ukuthi ibhuku lakhe liyimalini ngoba uma esemkhipha kumele amkhiphe nebhuku, uyobe eseziqhubekela yenake ngokwazi ngokwesuphiwo sakhe
Lindeni Ndwandwe Angaz kahle kodwa kule part okunye engike ngikuzwe ukuthi uma oza neskhwama sobunyanga emtshengisa r emtshela ngemithi...kumele asicele iskhwama kumnini waso ukuze adedele kahle nemithi yakhe...kodwa ke kokunye ukwenza akufani....ngoba noma ugobela angamfundisa, eminye kumele bamvezele okuwuye omnika iskhwama sokwelapha.
Frank Cain Ukuthwasa cc akukona ukufunda imithi, umuthi uzowufunda aze afe ngoba vele awuqedwa, nina bhekani kuphela ukuthi idlozi leli alizilele libukhali na. Udaba lokufunda imithi lulula kabi uyofundiswa omunye nje umuntu mhlawumbe angafuni ngisho inkomo, leyonto ifana nokubhula ngamathambo akufundelwa ephehlweni ufundiswa nje umuntu thizeni uma ufuna ukubhula ngamathambo. Nina phothulani umntwana mhla nixoxa ezokumphothula bese nibuza ukuthi ibhuku lakhe liyimalini ngoba uma esemkhipha kumele amkhiphe nebhuku, uyobe eseziqhubekela yenake ngokwazi ngokwesuphiwo sakhe
Aliwena Mpatsamwayi Imithi umuntu utifunda nsukuzonke.Ma uhlola bayakukhomba nokuthi usebenzise muthi bani ukwelapha lomuntu omsizayo iskhathi esiningi nedlozi lakabo lowo muntu nelakho liyakukhomba indawo lomuthi okumelwe uwusebenzise ukuthi ukuzowutholaphi.Makaqine esiphweni wakhe ajule nasekuxhumaneni nedlozi uzoyazi imithi engafundiswanga muthi.Uzothola ukuthi uzomfunela umuntu ozomfundisa imithi and amadlozi athumele abantu abanenkinga ezofuna umuthi angawufundiswanga segcina esebenzisa lo awufundele umuntu angasizakali besesithi udla imali yabantu kazi indaba zakhe kanti uvinjwa yilekuthi ukalelwe imithi okumelwe ayisebenzise wavalelwa ukuba anabe elwazini lwemithi.Thokoza