ifembo umuthi

ifembo umuthi uyasebenza as umuthi wokuphipha isilwane uthakwe neminye imithi. umuthi ifembo uyawusebenzisa uma ufuna umsebenzi, uma sewuqedile ukuwusebenzisa uwukhiphe ngomuthi umhlambamanzi. Lapho idlozi lingafuni ukukhuluma nawe uthaka imithi yedlozi eminingi bese ufaka nawo lona ifembo , lizokhuluma nawe ke idlozi. Lenzani ifembo? ukuxazulula izinkinga zedlozi, ujwayele kakhulu abantu ababonayo, wenza idlozi lisebenze, ukhuphula idlozi, umuthi ogeza idlozi, uyangena emthini yokuqawa izibopho empilweni. umuthi wokususa isilwane. uyasusa isinyama futhi.

Yini ifembo

Ifembo uhlobo oluthile lomuthi oluvame ukusetshenziswa abakhuphulayo(femba) Lomuthi uyakwazi nawe ukuwusebenzisa. Uma ufuna ukugeza amathunzi amnyama: gquma , geza & phalaza. Singabala ukungcola, Ukuhlambulula mawukade wenza inkonzo yasekamelweni, Nokugeza nje kwazise ziningi izinto ezisingcolisayo. Even noma ubuphuma emngcwabeni. Namaphupho liyawakhanyisa. Abanye bawuthaka nesiqunga lomuthi mabethanda nalaphoke impela uyasebenza. Noma Mhlampe munenkinga kukhona ofuna bakuboniseyona ephuphweni ngempilo yakho Ifembo liyasebenza Uma uzolifaka endishini ugeze ngalo ngamanzi abandayo nekhandlela elibomvu liphakathi endishini Muqeda ebese uyalithatha uyothandaza kulona ucele ulikhanyisile Angazi lokhu kwekhandlela kwabanye kubuye kungasebenzi kwabanye kukhanye. Noma ngabe esigodlweni uvalekile liyasiza ifembo Uma uzolithaka nenyazangoma elibomvu,sehlulamanye nomphumeleli.

Umuthi wokukhuphula isithunywa olula kakhulu: Ifembo & Umsuzwane

isangoma esingaboni lutho esihlulekayo ukubhula ake sizame lomuthi izinto zizoshintsha ngokushesha, umuthi olula: ifembo eliluhlaza and ubisi. Nangu omunye umuthi wesangoma esihluleka ukubhula hlanganisa lemithi elandelayo:

Ukugeza idlozi usebenzisa ifembo thatha lemithi ugeze idlozi lakho lizokuthanda libheke ngakuwena likubone uyisimomondoya esithandekayo lingakucasukeli:

umuthi wokucacisa amaphupho ususe isinyama namathunzi

Amathunzi,isinyama,amaphupho avalekile awacaci.Thola I(fembo)thola u5l o10l webhakede uthele amanzi ulfake phakath uye okhalwen or ehlathini ume ubheke entshonalanga bese uyageza ukhulume uth akusuke amathunz isinyama akubuye amaphupho .Bese uyahamba ungabheki emumva

xosha isinyama namathunzi

uma wakhipha isisu or walala ejele or walala nomuntu wesifazane okungaba umahosha, thatha lemithi:

ifembo video

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
Masibonge sithi thokoza msila wengwe Zulu. Ndiza kudibanisa ndifuna iimpendulo ngempilo yam. Amaphupho andivuki nawo.
 

Intindili isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Iyangena emithini yemali, iyangena emithini yokuthandeka. Iyangena emithini yenhlanhla, iyangena emithini lapho udinga ukuvikelwa khona engozini, emimoyeni emibi, ezilwaneni, ezigebengwini, kumaphoyisa, ezitheni. Iyangena ekuvuleni okuvaliwe. Iyangena emithini yokuhlonipheka, icacisa amaphupho. Iyangena kwizigubhu ezidonsayo.
umthole isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokuthandeka, Isihlahla lesi siyathakwa sihlanganiswe nezinye izihlahla uma kwenziwa umuthi we business. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisikhafulo. uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokucupha abathakathi. usetshenziswa emithini yezitha.
GEDEGEDE isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? umfazothethayo, mfazi othengayo, Uqhume, Lwathile /lathile, Abaxokozeli Uma izinto zithulile, kungenzeki lutho ufaka umfazi othethayo emithini wakho, lomuthi uyakhuluma nedlozi. usetshenziswa emithini yedlozi. umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokukhuphula isithunywa. umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokuthandeka, Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwizikhafulo. Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni. Uyabenza ubulawu lomuthi. Uyangeni emithini yokucacisa amaphupho. Uyangeni emithini yenhlanhla. Uyangeni izifo egazini, esinyeni, Kanye nokuvuza, uyawupheka uwuphuze futhi uyachatha.

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp