impila umuthi obizwa ngamafutha omhlaba, amafutha omhlaba uyageza ngayo umzimba uma unezilonda. Impila iyasebenza ukuxosha isilwane enganeni encane. Wenza kanje: Impila, ivimbela elibovu umkhandele incweba yasokhalweni uyikhiphe uma umgeza masuqedile uyibusele ingasuki kuyena uthenge umzilanyoni upheke ufake ku 2lit uhlambulule ngawo ayezolala ufake kota cup emamzini afudumele umphuzise isipuni eseni ntambama
Impila amafutha omhlaba umuthi onamandla. Uyangena emithini eminingi okunye okwenziwa umuthi impila ilokhu okulandelayo, kodwa usuke uthakwe neminye imithi :
AMAFUTHA OMHLABA/IMPILA uyawaququda ukhwife maduma izulu uwafake emalahleni ushunqise endlini axosha imimoya emibi nezilwane
Ingane igeze ngo dubha ne entress fake nevimbela emanzini fake impila umgeze bese ikhanda incweba ushunqise impila no dubha I lokho okulula ongakwenza.
Mbali Khomo Ngibhala lepost inhliziyo yam ibhlungu ngiphela namandla angisenalo ithemba. Lana ngihlala khona kunzima kakhulu shuth kugangiwe kuneslwane manj siyamosha ayikho into elungako nam ngivaliwe angitholi umsebenzi labant abagange lekhaya siyabaz abomakhelwane manj uma omunye wentombazane akhulelwa kuchitheka isisu asihlali nabantwana basaba iskole abayi bayadelela nje kukama gida sbhekane manj sesi wam uke waskhombisa text khona kufacebook ethi lapho ekini niyohlupheka nize nife akekho oyoba nomntwana manj lomunt othumele letext wenze fake account ukuth singakhoni ukumthola gogo sekakhathele manj akasafuni lutho ngoba kudala azama imali abize umunt ukuth azosilungisela lelikhaya kodwa bant badlala ngath awukho mehluko uze waphela amandla sekaqabanga ukuth akuhlale kunje nami nginje labant bangiquphile ukuth ngife lomunt esike saya kuye uthi nje basebenza ukuth mina ngizibulale so manj ngithe kuncono nam ngingene kule group mhlambe usizo ngingaluthola ngoba angikwaz ukulahla ithawula nje ngoba ugogo sekalilahlile ngicela usizo please bant benkosi
Impila Iyangena emuthini wokususa isichitho. Umuthi wokususa amathunzi. Umuthi wentelezi yokuchela ekhaya, Impila iyangena nakwichweba. Impila iyafutha, iyaphalaza, iyageza, Uyayithunyisa ukuxosha izilwane nemimoya emibi, iyangena emthini yokuthandeka. Impila iyangena nasemithini yemali. Uyangena emithini yokuqinisa ukhalo kwabakhulelwe ukuze isisu singaphuphumi.
Unezilwane or izikelemu? Udla mazinyo mawulele? Gaya Impila kanye no jundu mlahleni. Thunyisa ngempila umboze , ugubezele ngengubo, uphinde ukhwife ufake amanzi olwandle , ukhwife kubanda. Embizeni yakho yomzimba omubi noma kuthiwa unegazi elibi pheka umuthi impila engangezinkezo ezimbili wenze ongange litre uphuze kathathu ngosuku inani elingangenkomishi. Liyathwasa uhlono kungasikudala hlala unayo impila ephaketheni lakho iyalivika izulu, ixosha nakho konke okuningi okungasile
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.