Ingwavuma wenzani

Ingwavuma umuthi iwumndeni wemithi enegama elithi “vuma” yonke imithi enovuma, iyalalela ivume yenze othi ayikwenze, ingwavuma iyangena emithini yesibambelelo, iyangena kwisikhafulo, iyangena emithini yokuthandeka, iyafutha, iyaphalaza. ingwavuma uyayenza ibe yibutho iyodwa. Ingwavuma uma uyishisa uyihlanganisa neminye imithi yakha ilumbo elinamandla, uyancinda ngayo, uphindisele okubi kumthakathi.

Iphunga elibi emzimbeni

Uma ungumuntu wesifazane unephunga elibi ngaphansi geza ngengwavuma lizophela, nanoma unephunga elibi emzimbeni futha ugeze ngayo.

Umuthi wokuhlonipheka

Umuthi wokuhlonipheka? Iyondwa ingwavuma uyayisebenza ufuthe, uphalaze, ugeze yakha isithunzi nokuhlonipheka. Note: nomahluko phakathi kwesithunzi namathunzi.

Ulwazi ngemithi eyizihlahla

Ulwazi ngemithi ethakiwe

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha