intindili umuthi wokuceba iyangena ezigujini zemali , intindili yenza inhlanhla yemali, uyayigaya uyihlangaise nemithi yemali, intindili ingumuthi wemali iyodwa, uyayigaya uyifake eziwashweni zemali, uyayisebenzisa futhi kanye nemithi yesizulu iyathakwa, uyayenza umgexo uyifake emqaleni , uyayibhoboza uyifake izithako zemithi yesizulu ezidonsa imali, ihlale ikuwena ngasosonke isikhathi idonsa imali, intindili uthunyisa impepho uyibike kubantu abadala uyiqambe igama, bese uyayicela ukuthi ikudonsele imali. Ubungozi bentindili buncike ekutheni ithakwe ngemithi enjani? intindili iyodwa kayinabo ubungozi uma ingathakiwe. umsebenzi wentindili intindili iyawenza umuthi wenhlanhla yemali ikwenze uwine, uthole amabhonasi emsebenzini isimo sakho sezimali sihambe kahle. intindili iyawenza umuthi wokuceba iyafakwa ezigujini zokudonsa imali intindili iyawenza umuthi webhizinisi udonse ama customers ibhizinisi lakho lisimame lihambe kahle Ukulahla intindili, ilahlwa kanjani intindili? uMa ungasayidingi uyahamba uye emfuleni ohambayo uyifake phakathi ukhulume nayo kahle uyitshele ukuthi uyabonga umsebenzi omuhle ekwenzelewona usuyayikhululake manje ukubanayo ikhululeke. Intindili ayisebenzi emzimbeni ogcolile onesinyama, isichitho, njalo njalo, ayisebenzi intindili kumuntu onedlozi eligcolile nokweleta izinto ezithile kwidlozi.
Intindili yesifazane uzobona ngokuthi uma uyifaka emanzini uma izinza ihlala phansi yintindili yesilisa, uma ibhabha phezulu emanzini leyo intindili yesifazane. Izono ke lezo izindlela zokubona igender yentindili.
intindili necklace ifakwa ikakhulukazi amakhosi nabantu abaphezulu ezweni ngenxa yamandla ayo. ukuze ihlale iseduze nawe kuhle uyifake uyenze ibe yi necklace intindili yakho.
Peter Mthembu Magubane kunjalo ok zihlukane kanje uma uyindoda uthola eyesifazane nakanjalo osisi bathola eyendoda, 1 thatha i komishi uthele amanzi uyifake phakathi mayintanta leyo eyamadoda 2 eyabosisi ishona phansi kusho ukuthi bona bathola eyendoda! ziyakhungwake zibenegama
Myzuzu Nonzunzo iyakubusa wen iletha imali,ilwe nabantu abakugadla ngemithi emibi, if uhamba ebsuku iqhelisa imimoya emibi nepoki negebengu ,NJ uyaphepha intweni eziningi kdwa ai...
Qhawekazi Mthimkhulu Nginayo nami ey ave ingsiza yenza izinto eziningi kodwa ke ibuye inyamalale ngingayazi ukuthi iyephi iphinde futhi ivele, kumanje ilahlekile
intindili ikhubalo elinamandla uma ufuna ukuthenga intindili nawe ubone amandla ayo sithinte uzobona whatsapp
kulelipage lethu.
Zandile Njomi kutwa isuke iyokulwela uma isadukile mina nginayo nje futi hay Nonsikelelo wami wenza okuhle kodwa
Godfrey Sakhela intindili nginayo, ngokunyenje uku brown kufana nobhontjisi omengaloluhlobo(💗). KODWA yona lentindili yangisebenzela nje kam badlwana imali ngiythola ngayo kodwa yabuye yathulanje, ngiyithathe ngayilengisa emotweni, yonanje ngi Notice ukuthi, iyawahlula amaphoyisa omgwaqo, ngesinyisikhathi ngiyadlula angang misi, ngesinyisikhathi ayangmisa, makufanele angibhale Tikiti ( Ticket) bayangixolela
isebenza kanjani intindili? ngivele ngingazi abantu mase bebuza lombuzo, kahle kahle nisuke niqonde ukuthi isetshenziswa kanjani? noma isetshenziselwani? noma ufuna ukwazi imagic yayo ukuthi isebenza kanjani uma yenza umsebenzi wayo?Comments | |
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
|
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.