wenzani ukhathibesonga umuthi

Ukhathibesonga umuthi uyawusebenzisa ukuvala umshopi ekhaya lapho kukhona abashona ngesandla somuntu. isisu esigcwele umoya uyathakwa u Khathi besonga uwusizo kwisisu esiqumbile esinomoya.

umuthi wezitha ukuthi zishayane zodwa, ubhaxabula izitha lomuthi. Induku yokubhaxabula izitha

ukuphupha umazwenda umuthi

Amaphupho ngomuthi umazwenda, kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi umazwenda? ukuphupha umuthi umazwenda ngabe kuchazani? kumele ubheke umsebenzi womuthi, nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini?

Khathibesonga wenzani?

Khathibesonga umuthi wezitha uwusebenzisa ikakhulukazi uma unezitha ezihlangene ngawe, uwusebenzisa nombese ukuze izitha zixabane zodwa , zigwazane, zihlebane, zidubulane. Umuthi wokubulala ukhathibesonga uwuthaka neminye imithi uphalaze ngawo ubanda, izitha zakho zife ubuthaphuthaphu. Ukhathibesonga uyintelezi evika imithi yabathakathi, uyavika futhi imithi ebhekiswe kuwena.

ukhathibesonga umuthi wenzani?

umuthi uzifozonke uvukahlale lona

uyagula kodwa awazi ukuthi uphethwe yini, sowuhambe odokotela kwaze kwaphela imali, uxakekile, awusazi ukuthi uhlanganiseni ukuze ululame? Namhlanje ngicela ukuthi sihlanganse lenduku ukuze uvuke uqine njengomqemane:

Gqula konke uhlanganise ufake i entressdruppels kancane ukubilise. Phuza inkomishi ngosuku. Lana umuntu uvuka noma esegule iminyaka. Impilo phambili- mabaphile abantu.

umuthi wokuzivikela wokuvika izitha izigebengu

Ukhathi besonga emuthini wokuphepha kumaphara nakwizigebengu. lenduku yokukuphephisa uma uhamba ngemoto noma ngonyawo amapara angasondeli kuwe akuhloniphe
Hlanganisa konke ugqume uphalaze ugeze.Buya uyifake amafutha enyengelezi uyenze isigqabo sakho izokusiza kakhulu.Angeke bakubambe nkunzi uyohlala uphephile njalo nje

Khathibesonga muthi uvula idlozi elivaliwe. ungena emthini lapho usongelwa khona, isibonelo nangu umuntu ethi uzokudubula, wena uzokwenza umuthi ophendula izinsongo zakhe. uyangena emthini oshaya abathakathi nezitha. uyangena emthini wokubulala idliso. uyangena emthini yokukhipha isichitho. uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni.

Umdoni isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwintelezi yokuchela, umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokukhipha isinyama, ukhishwa isisu umdoni uyasibamba isisu. Ngikhule endaweni enemidoni, kunomdoni wehlathi bese kuba nomdoni womfula.
Mdumo isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Umdumo wezintombi zakwashabalala, Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwizikhafulo, uyangena kumuthi wokuthandeka. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwigobongo Kanye nemithi eminingi ephathelene nedlozi. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisigubhu sokudonsa imali. Kwabasanda kuthwasa usetshenziswa emithini yokudonsa amathwasa. Umuthi womsebenzi, umuthi wesikhundla. Umdumo uyangena lapho ufuna ukuphakama, waziwe, udume uyawufaka emithini eyenza lokho.

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?