yini ukuphahla
Kuyini ukuphahla? Ake sibuke ukuphahla, ngoba singayisebenzi imithi ngokuhlukana kwawo kodwa uma kubheda edlozini khohlwa kuze okuzokulungela.
Ngabe yini ukuphahla? Ukuphahla indlela yokuxhumana namadlozi,
noma indlela yabaphila enyameni abaxhumana ngayo nalaba abasengumoya.
Ngabe kuphahlwa njani ma uhlanganisa madlozi? Wonke amadlozi ulayini wawo idlula olwandle noma isikhungo sawo esiphakene
sisemanzini,ngaleyondlela amadlozi ahlanganiswa emfuleni ehambayo not phakathi kodwa eduze nawo loyo mfula,
uphathe ikhandlela elimhlophe, imphepho yesiganga eyisizigaxa,
ne snuff noma sinjani, isikhathi sokwenza lokhu u 3 kuya ku 5 ntambama,ukhuluma namadlozi akho
womabili uqale ngelakhabo mama mawungahlawulwanga, mawuhlawuliwe uzoqala ngelase khabo baba usho
kuthi uyabahlanganisa ebese uhlawula ngemali ekhanyayo mawuqeda kukhuluma kuleso naleso sibongo.
Ikhandlela uhamba nalo uyolikhanyisa emsamu wasekhaya mawufika.
ukuphahla edlozini
Ngabe ukuphahlela ukucela okuthize edlozini kwenziwa njani??? Uma ufuna ukucela okuthize edlozini,
kudingeka uthole ama khandlela amathathu, ikhandlela eliqanda (yellow), ikhandlela elimhlophe (white), ikhandlela elibovu (red),
isinemfu (snuff),imphepho yamawele, loku ukwenzela esigangeni ngoba hhayi
emathuneni please, amathuna ayagangwa, amathuna kulahlwa khona imithwalo,
uzoya esigangeni ucala ngokushisa impepho bese ukhanyise ikhandlela elibovu
uthi "bogogo nabomkhulu ngicela nidedise yonke imimoya emibi nemithi engifaswe ngayo
impilo yami. Uze ngeli qanda ikhandlela "biza madlozi akho wonke uwatshele wena ufunani"
bese leli mhlophe ikhandlela "uthi konke okwenzayo ucela inhlanhla kukhanye emadlozini
nasezithunyweni" uze nge snuff usithele phansi. Ngabe makugula umuntu engasindi
kuyaphahlwa nah? Yebo kuyaphahlwa ngoba kumele phela nikhulume namadlozi ngoba babona ngale
kwempilo. Uma umuntu egula uphahlelwa ekhaya kuphume umuntu omdala athethe namadlozi
egcekeli akhuze umkhuba, kungahlalwa kungakhanyiswa lutho noma kungashiswa lutho akubi nenkinga.
Impande yokusondeza idlozi u mzaneno umuthi, kuye kube kuhle mawuceda ukuphahla ubogeza ngayo uma ufika ekhaya.
Ukuhlambulula idlozi
Ukuhlambulula izidalwa usuke ugeza abantu bakini abangasekho emhlabeni isikhathi esiningi nguwe ogezayo
kodwa ube uhlambulula amadlozi. Lokhu kuyenziwa ngoba
- abanye basuke beshone benhliziyo embi
- abanye basuke beshone kabi
- abanye basuke benolaka , uyabona umuntu owayenolaka esaphila
- abanye basuke bashona bethakatha manje basangcolile nemikhuba yabo
- abashona bengakhulumisana bengangenelani ezindlini
- okunyeke yidlozi elasetshenzwa lagcoliswa izigilamkhuba phela
- Kuningi ......
Bonke labantu basuke befuna ukuhlanjululwa noma ukugezwa.
Idlozi liyahlanjululwa ukuze lizoletha amaswidi nezinto ezikhala kanhle, linikhanyisele, linilethele izinhlanhla.
Linivekele ezingozini. Lenze ama duties alo njengedlozi phela.
Kuyahluka indlela yokwenza, abanye bakwenza ngemithi kuphela isilwane singekho,
abanye kuba nesilwane, abanye idlozi baligeza emsamo, abanye balikhiphela ngaphandle baligeze ngaphandle lingene lihlanzekile,
abanye bayalixosha elimbi bathi alihambe kusale elihle kuphela, kuke kwenzeke lokho lapho sekuhlule konke
kunemisamo enezinkinga la ngaphandle ikakhulukazi yabantu ekade bethakatha noma bephatha imithi emibi.
Ulwazi ngemithi eyizihlahla
Ulwazi ngemithi ethakiwe
Funda ngemithi lapha ngezansi
A
I
U
UM
Amafutha
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.