mavumbuka umuthi wenzani
UMAVUMBUKA umuthi uqeda izinduba ebusweni. Uyangena emthini yokuvusa ubaba ongafuni ukuvuka enze umsebenzi wakhe, uyangena emthini yenhlanhla.
Uyangena emthini yenhlanhla yemali. Uyangena emithini yokuchela egcekeni.
Uyangena emthini yokufakela umuntu isichitho. Uyangena emithini yokufaka umuntu ilumbo noma isicupho.
Izinkinga zesikhumba
Umuthi wokulapha izinduna, unesikhumba esimbi, unento emile esikhumbeni noma yini evumbukile noma umhlume,
Kunalomuthi obizwa ngokuthi umavumbuka,lomuthi muhle kuko konke ngoba ungena yonke indawo awukhethi.
Uma unezinduna, uneskhumba esingajabulisi noma ma pimples, uyawupheka wenze imbiza amalitha amabili uphuze kathathu ngosuku.
umuthi wamadoda
Umuthi wabantu besilisa umavumbuka lona uyasebenza uwodwa ukuze ubuyise imizwa,
pheka uphuze ubuye uchathe, kuzovele kuthi straight mpo kuqonde wena owabona i-ruler.
umuthi wenhlanhla
Inhlanhla yakho ivalekile ake siyenze ivumbuke, thatha lumuthi ngawo uzophalaza, uqgume (ufuthe) ugeze ngomavumbuka ukhulumise inhlanhla kuthi ivumbuke inhlanhla.
umuthi wokubulala ibhodlela
Ibhodlela elimbelwe ekhaya?
Lelibhodlela lizobulala noma livale imali noma lizoxabanisa umndeni.
Thola lemithi
Chela igceke lonke ekhaya, ngalomuthi uchela ngesandla uyeke umshanelo.
uzokwenza lokhu izinsuku ezintathu.
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Video efundisa ngemithi yonke
Funda ngemithi lapha ngezansi
A
I
U
UM
Amafutha