mdlandlovu wenzani

umdlandlovu uyangena emthini yezitha, uyangena emthini yedlozi, uyangena emithini yokuthunyisa uma unezilwane ekhaya, uyangena kumbhemiso. uyangena emthini ehamba ne cv.

umuthi wokulwa umdlandlovu

Umdlandlovu owusebenzisa uma wakha induku yokulwa, Uyazikhethela ukuthi ufuna ukuthi lomuthi ukwenzeleni. Ulwisa eminye imithi, ulwisa izilwane, uyangena ebhandeni lokulwa.

umuthi wokukhipha isilwane umdlandlovu

Induku eyenziwe ngomdlandlovu ishaya ukugula kwesilungu kanye nokugula kwesintu. Ayikhethi lenduku. Uma ukugula kwakho kumayelana nezilwane. thatha umdlandlovu wodwa ugayiwe uyimpuphu uthunyise ngawo uvale ngengubo, uzothi uqeda lapho isilwane sobe sesibaleke sayoshona le kude.

umuthi wekhanda umdlandlovu

Ukwenza umbhemiso wekhanda eselihlule yonke imithi. Uhlushwa ikhanda elishaya kuvaleke amehlo, usushaya ngakhokonke, gaya umdlandlovu ubheme into encane emakhaleni, lizophela bese malithula ugcabe emhlafunweni usebenzisa lemithi:

isifuba esivalekile ngomdlandlovu

Unesifuba esihleli sindoda noma esihoshozelayo noma esivalekile, phalaza usebenzisa umdlandlovu nobisi uzobona sivuleka isifuba sakho ngokushesha.

into egijima phezu kwendlu

Haybo maye lezinto ezihamba phezukwendlu ebusuku ziyahlupha kufana nezilwane ezenza singalali ebusuku, yenza umuthi wokuchela kuzosuka lento ehamba phezu kwendlu chela izinsuku ezintathu bese ubuya ngokalumuzi naye uyachela, shisa umdlandlovu wodwa vo ushaye lezilwane ezinenza ningalalikahle, lekhaya lakho bayaliloya ubona ngenhlanhla ebalekayo, ubona ngezingane zakho aziphumeleli, kuvaleke imali ekhaya, bazali bayalwa ukuthula akukho.

Velabahleke isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokuthandeka, Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwintando, Isihlahla lesi siyathakwa sihlanganiswe nezinye izihlahla uma kwenziwa umuthi wesikhundla nokuhlonishwa emsebenzini nasemphakathini. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwidliso locansi, Umuthi womsebenzi Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwidliso lokudla, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokufuna umsebenzi. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisibunge semali esigcatshwayo kanye nalesi esishiswayo.
velemoyeni isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokufuna isikweletu, uyakhafula, usetshenziswa emithini yokufutha, ukhipha isichitho nokunye okusegazini, uyawugcoba neminye imithi ufike ubambe ngesandla intombi engafuni ukukuqoma. umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokukhuphula isithunywa.
Vulakuvaliwe isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokuvula izinto ezivaliwe, umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokuvula idlozi. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwigobongo. uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini oyisihlanzi. uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokuthola umsebenzi. uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokugembula. uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini yenhlanhla.
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
 

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha