uMhlakaza or uNdiyaza or isindiyandiya wenzani

uMhlakaza or Ndiyaza or isindiyandiya Uyangena emthini wokwenza isichitho or umuthi wokuhlukanisa izithandani. Uyangena kwizikhafulo. Uyangena emuthini wokususa amabhadi nesinyama. Uyangena emthini wokuyekisa umuntu umsebenzi. Ungena kuzona zonke izinhlobo zesichitho, uyangena ekuhlakazeni izitha ezihlangene ngegama lakho zijikelane zodwa. Uyagcaba ngawo esiphundu uhlanganiswa namafutha athile ukuze abantu bangakushayi bekuvelela ngemuva. uyangena emithini yokudlula kumaphoyisa namapara, Uyangena emthini wecala. Uyangena kwintelezi yokuchela.

Hlakaza izitha zixabane zishayane zijikelane. Induku yezitha lena, bhaxabula boh:

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
Umuthi wokuhlukanisa izithandani uwufake umhlakaza ngingawuthoka kanjanii makube unawo ngibhalele kona
 

Imfeyenkawu/ iphakama isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Iyangena kwizikhafulo, iyangena kwidliso. Iyangena kumuthi wokubiza imali. Iyangena emithini yokukhulelwa. Iyangena emithini yokucacisa amaphupho. Iyangena emithini yokuvula inhlanhla. Iyangena emithini yokugembula. Iyangena kwintelezi yokuchela egcekeni. Umuthi wesikhundla emsebenzini Kanye nasemphakathini.
Ubisi lwembuzi isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lomuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokususa isichitho, ufaka emithini yokukilina izinto zakho zicace, ufaka emithini emayelana namadlozi.
Ningizimu isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Iyangena emithini yokuqaqa izibopho ezivalwe ngabantu. Imithi yedlozi. Iyangena emithini yokucacisa amaphupho nokuvula amaphupho.

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp