unukani umuthi wenzani uses
unukani umuthi odume kakhulu ngokufaka nokukhipha isichitho
kuthiwa akumele uwusebenzise kakhulu ngoba nawo uvele uphenduke isichitho kuwena.
Unukani ujwayele ukumila lapho kukhoma umquba khona lakuvundile khona.
Phalaza ngonukani uma kukhona okugandla ngemithi.
Unukani uyathakwa neminye imithi wenze umuthi wokubhaxabula izitha zakho.
Nukani uses in traditional medicine
umsebenzi ka unukani umuthi
- Cleanses isichitho
- Can be used for ukufaka umuthi isichitho
- Can be used kwisibambelelo and kwi dliso locansi.
how to use unukani herb
- uyaphuzwa
- uyaphalaza
- uyachatha
- uyafutha
Nukani in english is Black Stinkwood uyasebenza unukani
neqanda ukucupha umuntu othandana naye wuphuze neqanda ubone imihlola.
Unukani nomalilisa ukhalisa indoda uyawuphuza uma uzoya kwindoda yakho.
unukani pictures
ukuphupha unukani umuthi
Amaphupho ngomuthi unukani,
kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi unukani?
ukuphupha umuthi unukani ngabe kuchazani? kumele ubheke umsebenzi womuthi,
nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini?
Umuthi wetoho
Umuthi wokuthola umsebenzi futhi lona umuthi wokuthandwa wumsebenzi uthi mawu apply bakubize nakuma interview bakuthande,
umuthi wokuqashwa uthi uma ufesa kukhonjwe wena. Ikakhulukazi labafowethu abahlala eduze kwama hardwares ethekwini
bephethe amathuluzi umuntu uvele akukhethe eningi akubuke akuthembe akunike itoho.
Uayasebenza kakhulu nakubantu basema hovisi.
- Zulazayithole
- Momotheka
- Bhekaminangedwa
- Ubhubhubhu
- Nhlanhlemhlophe
- Ngqengendlela
- Usilepe
- unukani ikhubalo
- Ingobamakhosi (Umkhando)
- Iphakama laphezulu
- Iphophoma
- Uvuma omhlophe
- Umayisaka omhlophe
- Velemoyeni
umuthi womsebenzi
umuthi wokuqashwa olula kakhulu ongadingi imithi eminingi.
- Unukani
- Foshela
- Mkhondweni
uNukani umuthi wenzani
uNukani
Uyangena kumuthi wokususa isichitho nowokufaka isichitho. Unukani uyangena kwisibango. Uyangena emthini wokuhlakaza izitha ezihlangene ngawe.
Unukani uyangena emthini yokukhulelwa, wokuvusa indu->ku, uyangena emthini wokuba mnandi embhe->deni.
uyangena emithini yokushubisa isidoda. Uyangena emthini yokucupha umuntu wakho. Uyangena emthini wokuyekisa umuntu utshwala.
Uyabuyisela isichitho emuva unukani. Uyangena emthini wezitha.
Uyangena kumuthi we interview owogaya ube yimpuphu bese uwufaka entweni yokugcoba. Uyangena emthini wokuxosha umuntu ongasamdingi empilweni yakho, unukani? Uyaphuzwa, uyaphalazwa, uyageza, uyafutha, uyangena emafutheni agcotshwayo. Uyathoba izinyawo ezivuvukele. Uyahambisana nesikhali.
Umuthi wokuthola umsebenzi
Umuthi womsebenzi or wokuthola umsebenzi ake sithake unukani kanye neminye imithi ezokwenza inhlanhla
yokuthi uthole umsebenzi uhlukane nokuba ngumahlalela,
lomuthi futhi uyayiletha nenhlanhla.
- Ubhubhubhu
- Nhlanhlemhlophe
- Ngqengendlela
- Zulazayithole
- Momotheka
- Bhekaminangedwa
- Uvuma omhlophe
- Umayisaka omhlophe
- Velemoyeni
- Ingobamakhosi (Umkhando)
- Iphakama laphezulu
- Iphophoma
- Usilepe
- unukani ikhubalo
Umuthi wokukhipha isichitho usebenzisa unukani.
Susa isichitho usebenzisa unukani umuthi.
- nukani
- maphipha
- mpindamshaye
- mhlakaza
- mababaza
- mnukelambiba
- ngwavuma
uma unenkinga yokuthuka ebusuku uma ulale, ukususa amaphupho amabi,
uvuka ebusuku uhlale ngezinqa kade ulele? Zama lemithi
- unukani ixolo
- Ukalimuzi
- umaphipha ixolo
- Uzililo
Susa izinduna ebusweni ezingapheli.
Umuthi wokususa izinduna ebusweni,
izinduna ezinenkani,
induku yokususa izinduna uhlanze ubuso bube kilini,
noma ngabe izinduna zesichitho.
- Ubhoqo
- Indodemnyama
- Unukani
- Umsuzwane
- Uvimbukhalo
- Umahogo
- Umphamephuce
Qgula lemithi ihlangane,
bese uthola itshe lomfula elibushelelezi emfuleni ohambayo netshe lasentabeni elirough.
Gquma ngale mithi. Phalaza ekuseni kusa phezu kwala matshe bese uma uqeda uthathe leli olithathe entabeni ulise emfuleni
,leli olithathe emfuleni ulise entabeni.Ngenjathi amanzi eligeza itshe elirough emfuleni ingesikhathi ugezeka nawe ebusweni.
Ungakudli ukudla okunamafutha while wenza konke lokhu. Gquma ugeze uphalaze 5 days.
Gxoba isiqungwa uphalaze ngaso osukwini lwesithupha ngaphambi kokubuyela ekudleni okunamafutha.
Unukani video lasichaza khona ngonukani.
Comments |
|
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Video efundisa ngemithi yonke
Funda ngemithi lapha ngezansi
A
I
U
UM
Amafutha
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.