Imvelaphi yesibongo saka shangase. ushangase uvela kwangcobo, kuthiwa umkheshane kwakumfowabo kaNgcobo bezalwa uVumezitha . umkheshane uyena omdala okwakufanele athathe isihlalo sobukhosi kodwa wayewumuntu ohlala engekho ekhaya esemahlathini ezingela futhi engaganiwe kuthe makudlula ubaba wabo uVumezitha uNgcobo wayesebuthatha ubukhosi ekuhambeni kwesikhathi kwanezinsolo zokuthi umkheshane unyonyobela amakhosikazi kaNgcobo kuthe mayesebona uyasolakala wayesebaleka eyocasha enkandla ekuhambeni kwesikhathi uNgcobo wathuma abantu ukuthi abayobheka umfowabo nembala bamthola uthe mayebuya wayesembuza uNgcobo Kade uhamba ushangazaphi bafo wasesho Kade ekuphi uthe esegamiweke wayesephuma umuzi wakhe wabe sewubizwa ngokuthi kukwashangase.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |