ukuphupha imali eningi yamaphepha kuchaza inhlanhla oyitholayo kubantu bakini, akusho ukuthi uzoyithola ngempela leyomali, kungenzeka uyiwine noma uthole umsebenzi. Ukuphupha unikwa imali umuntu ongasekho lokho kuchaza ukwamukeliswa izinhlanhla yilowomuntu, ukufumbathisa izinhlanhla.
Ukuphupha umuntu ekunika imali engaphaphe kuchaza inhlanhla ophiwa yona. ukuphupha imali eyi siliva kuyinhlanhla nakho, ukuphupha imali engama coins nakho kuchaza inhlanhla emhlophe. Amaphupho ngemali achaza inhlanhla.
Yini ongayenza uma uphuphe ngemali? Mina ngingalayitha ikhandlela eli green okuyikhandlela lemali nomcebo, bese ngiyabonga kulowomuntu ongamukelise imali ephusheni, bese ngiyacela ukuthi ayiveze ngempela lemali. Ngoba abanye bayaphupha ngemali kungenzeki lutho, kuhle uyihlangabeze inhlanhla.
Ukuphupha upha umuntu imali kuchaza ukuthi esikhathini esizayo kuzofika lapho ungaswele khona, lapho kumele kube isikhathi sakho sokusiza abantu abahluphekile. leliphupho likukhombisa ikusasa lakho lapho usungucaphuna kusale. Ukukhupha umuntu ekucela imali uma umuphile uzothola izibusiso, uma umncishile awuzothola izibusiso, leliphupho likhombisa indlela owuyiyo empilweni.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.