https://www.youtube.com/watch?v=LBS9bhXgO5E
Isinyama yifu elimnyama lamabhadi, uma unesinyama izinto zakho aziqondi kahle. Uhlale unamashwa. Izimpawu zesinyama ubona ngokuthi izinto zingakuhambeli kahle empilweni, kungaba izinto zothando, imali, umsebenzi. Ngamafuthi uma unesinyama izinto zakho kazicaci.
Izinto ezenza isinyama
  1. Ukuphuphuma kwesisu okungagezwanga, ingane eyaphuphuma idinga ukugezwa , ukuze wena mama wengane uzophuma izinyama
  2. Ukushonelwa wangagezwa, uma ungumfelokazi uyadinga ukugezwa emva kokushona kwendoda yakho
  3. Ukufeba - uma uhamba ulala nabantu ucosha imimoya emibi kubona, imimoya emibi iphenduka isinyama, yekela ukuhambe ulala
  4. Ukusebenzisa umuthi qede ungawukhiphi, eminye imithi idinga ukukhishwa ngomunye umuthi egazini, uma ungawukhiphi uba nesinyama. sebenzisa umuthi njengoba uyalelwe yinyanga ungawenzi ube extra, umuthi wenhlanhla nokuwokususa izinto uyakujikela ube isinyama uma uwusebenzisa ngendlela okungeyona.
  5. ukukhipha isisu bese ungagezi, udinga ukugeza ingane owayikhipha ukuze ukhiphe isinyama
  6. ukukhalelwa ngabantu, kungenza uhambe uzalisa abantu besifazane ubashiya izinyembezi zabo zenza isinyama, noma ngabe wumuntu wesifazane odlala ngabantu besilisa, izinyembezi zabo labantu odlala ngabo ziba isinyama.
  7. Amadlozi angageziwe
  8. Ukubangwa ngamadlozi
  9. Ukusebenzisa isibongo esi wrongo

Isinyama english
ukugeza isinyama
umuthi wokukhipha isinyama

Funda ngemithi

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
 

Go back buyela emuva