https://www.youtube.com/watch?v=LBS9bhXgO5E
Ukususa isinyama sizokubalela izindlela ezilula zokususa isinyama, usebenzisa ukugeza nje kuphela. Izinhlozo zesinyama zahlukene. Hamba uyogeza olwandle, ulwandle lunamandla okukhuculula imimoya emibi, ukugeza olwandle kuzobulala imithi efakwe kuwena yamashwa amabhadi , kukhiphe imimoya emibi, zijwayeze ukuvakashelwa olwandle. Hamba uyogeza emfuleni ohambayo, uma ungumuntu kumele ugeze emfuleni ohambayo at least kabili njalo ngonyaka umfula ohambayo nawo unamandla, ukugeza emfuleni ekuseni abantu bengakahambi kuzokusiza ekukhipheni ukuncola egazini. Hamba uyogeza empophomeni, impophoma inamandla okukilina umuntu , emva kokugeza empophomeni uyawuzwa umahluko egazini, ukugeza empophomrni kumele ukwenza ikakhulukazi uma ungumuntu wemimoya. Ukugeza ngobulongwe, ubulongwe ikaka yenkomo, uhlanganisa ubulongwe , ubisi, holly ash, bese uya kogeza emfuleni ohambayo, amabhadi, amashwa, isinyama kuyasuka uma usebenzisa isiwasho lesi.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |