Umhlume awelapheki kodwa zikhona izimbiza nemithi okudambisa umhlume, uyini umhlume? umhlume uqhamuka egameni elithi ukuhluma, umhlume uyinoma yini ehluma endaweni yangasese, amapiles angumhlume, izinduna ezimbi ezimila zibeningi ngasese nazo wumhlume, konke okuhluma ngasese wumhlume ngokwesizulu, leligama liyadida ngoba lichaza izifo eziningi bese ngesingisi odokotela bethi uphethwe yini? badideke uma uthi ngumhlume ngoba bona bazi ama piles, herpes...etc, ingakho uma uchaza umhlume kumele ube specific ukuthi unani kahle kahle. isihlenhle umuthi wesizulu owelapha odambisa umhlume, ugobho umuthi wesizulu futhi odambisa umhlume. Umhlume owenziwa yi virus eyi herpes bakithi kawelapheki, izimbiza ziyawuthiba uyabuya cishe njani emva konyaka kuncika amasosha omzimba wakho akhona amaphilisi awudambisayo. Bese kuthi amapiles wona ayelapheka aphele nya, wona awanankinga. Umhlume wangemuva nawe uvela ngezindlela eziningi, abanye kuyasikeka kube nzima ukukaka baphume igazi, abanye kumila izinsumpa zivale indawo yokukaka.
umuthi wokulapha umhlume ubhaliwe kule video engezansi. Imbiza yomhlume nayo sixoxile ngayo lapha ngezansi kule videoCopying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
Comments | |
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
|