Yini uMlulama umuthi?

uMlulama umuthi osetshenziselwa izinto eziningi umlulama obovu uyasebenza uma ufuna ukukhipha isinyama, uma ufuna ukukhipha amashwa, uma ufuna ukukhipha amabhadi , uma ufuna ukukhipha ishobolo, uma ufuna ukukhipha isikhwakhwalala, uma ufuna ukukhipha amathunzi. Kuningi okunye okwenziwa ngumuthi umlulama obovu. Mlulama uyangena emithini yokuvusa ubaba wekhaya ame ngezinyawu kujuluke amawindi umama wekhaya athokoze, kuphele isitlesi (ukukhathazeka ngokomqondo), kanjalo futhi emithini yokukhulisa isagila sikababa wekhaya lomuthi uyangena futhi khona.

umuthi womsebenzi

Umuthi wokuthola umsebenzi usebenzisa umlulama. Kwabafuna umsebenzi, akenizifundise ukuzilela umuthi, niziphe iviki nidle impande ningadli izithelo zabadala, nizobona amandla empande. Nisacabanga lodaba anenze kanje thatha lezinduku ezinamandla: usuku lokuqala nolwesibili uya futha, uya phalaza, uya geza. Uyakhuluma phela umuthi uyakhulunyiswa uxoxe nawo uzwane nawo, awubumbi nje umlomo engathi usisi omuhle mayegibele itekisi. Khuluma ucele ogogo bakho abanenhlanhla ukuthi mabavele nezinhlanhla zomsebenzi, bavele nezinhlanhla zemali. Uthi uma uqeda ngalemithi ungene kulena elandelayo. Uyawenza lomuthi izinsuku eziwu 3 noma eziwu 5 kukuwe, uma uwenza uya futha (qguma), uphalaza (gabha), uyageza , ukhulumise lomuthi uxoxe nawo ucele kuphakame izinhlanhla nemali empilweni yakho.

ukuphupha uMlulama umuthi

Amaphupho ngomuthi uMlulama, kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi uMlulama? ukuphupha umuthi uMlulama ngabe kuchazani? kumele ubheke umsebenzi womuthi, nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini?
Iphophoma isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? usetshenziswa emithini yokuthandeka. usetshenziswa emithini yedlozi. usetshenziswa emithini yokucacisa amaphupho. Liyangena ekwakhiweni idliso elingena emlomeni. usetshenziswa emithini yezifo ezahlukene.
Umfanozacile isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwizikhafulo. Ukulwisa abathakathi
Skhuni ngomile isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? usetshenziswa emithini yokuvusa induku, usetshenziswa emithini yokumithisa. Uyaphuzwa uyachatha.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

 

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp