Undwendweni uyangena emithini yemali. uyaqguma, uyaphalaza, uyageza, uvula okuvaliwe. uyangena entelezini yokuchela egcekeni. uyangena emithini yedlozi. uyangena emithini yokuthandeka. uyangena emithini yenhlanhla. Ntombi zibelethene elinye igama likandwendweni.
Namuhla sizobuka enye yalemithi ebizwa ngokuthi undwendweni. Undwendweni umuthi oyimpande eziyigaqa ezilandelanayo kunenkolo ethi uma uwusebenzisa okubi nokuhle kuza kuwe kulandelana. Vula izinto zakho zibe zinhle ulandelwe okuhle kodwa, ndwendweni,impikayiboni, nguqumaphenduka, ngaphambi kokuba ufuthe, uphalaze, ugeze for 3days phahla uwutshele kuthi wena ufuna kuvuleke inhlanhla nezinto zakho zikhanye. Shaya umthakathi osowenza ikhaya lakho elakhe, ndwendweni, mpenduli, hlaba zihlangene, phahla ukhulume kuthi ufuna loganga kakho bamuloye abanye bathakathi baphindelele kube u ndwendweni wokuloywa. Ufuthe kabili mawuqeda uchele ikhaya loke, bayohamba bamuloya lona oganga kakho. Muhle u ndwendweni uma ukwazi kuwusebenzisa. Umsamo wakho sangoma ahlakazekile? Uyalungiseka nawe uphile kahle. Ingane ethathela kude eskoleni nayo iyalapheka.
Comments | |
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
|