GEDEGEDE - umfazothethayo, mfazi othengayo, Uqhume, Lwathile /lathile, Abaxokozeli umuthi wenzani

GEDEGEDE - umfazothethayo, mfazi othengayo, Uqhume, Lwathile /lathile, Abaxokozeli wonke lamagama achaza umuthi owodwa. Uma izinto zithulile, kungenzeki lutho ufaka umfazi othethayo emthini wakho, lomuthi uyakhuluma nedlozi. Uyangena emithini yedlozi. Uyangena emthini yokukhuphula isithunywa. Uyangena emthini yokuthandeka, uyangena kwizikhafulo. Uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni. Uyabenza ubulawu lomuthi. Uyangeni emithini yokucacisa amaphupho. Uyangeni emthini yenhlanhla. Uyangeni izifo egazini, esinyeni, Kanye nokuvuza, uyawupheka uwuphuze futhi uyachatha.

umuthi wezinhlanhla

Umuthi wokubuyisa izinhlanhla zakho ezashabalala, umuthi omuhle kakhulu lona, uzobona inhlanhla isondela futhi kuwena. Thatha nangu umuthi for bring back your luck.

Umuthi womsebenzi usebenzisa Umfazi othethayo, gaya ube yimpuphu faka 3 yamakhezo ku 10L ufake nenyongo yenkukhu uphehle ubize umsebenzi wena ongasebenzi ubize madlozi enhlanhla, uphehle for 3 days uhambe ugeze phandle kwekhaya ngo 5L omunye u 5L futha uphalaze bese uyofaka ma C.V noma uyo fola.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
 

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha