ugezelani ngomuthi

Ukugeza ngomuthi , ukugeza bakithi igama lesizulu elichaza ukuwasha, ngiyazi ukuthi ukugeza ngesixhosa kuchaza enye into, imibhalo yethu kule website ibhalwe ngolimu lwesigodi sami, uma uzwa ngithi "geza ngomuthi" ngiqonde ukuthi "ziwashe ngomuthi", abanye bathi "ukuhlamba", yini ukuhlamba "ukugeza, ukukhucukula, ukwenza inhlanzeko". Ngizophinde futhi ngifake igama elithi "standard" uma kuthiwe geza ngomuthi kwangachazwa, wena nje uzobilisa umuthi ugeze ngawo, umelaphi uma efuna ugeze ngomuthi ubanda, uzosho, uma umelaphi efuna ugezele entabeni noma emfuleni uzosho, gezela ekhaya uma kungachazwanga, uma kungashiwongo wena uzokwenza "standard".
Uzijwayeze ukwenza imithi kukhanya, uma umelaphi efuna wenze imithi ebusuku uzokutshela, njengezikhafulo kuyaye kushiwo ukuthi khafula ngo 1 ebusuku, so standard sakho sokugeza makube kusakhaya. Ngike ngithi mina kuwowonke umuntu: zijwayeze ukwenza zonke izinto zakho kusakhanya, ukuze izinto zakho empilweni zozokhanya. Shanela endlini kukhanya, luka kukhanya, pheka kusakhanya, yonke into yakho mayihambisane nokukhanya, noma uthatha indlela eya endodeni yakho hamba kusakhanya.
Amanzi okugeza awuwachithi etoilet, ikakhulukazi nina basemalokshini nase ma surbab. Ngaphandle uma inyanga yakho ithe chitha etoilet.
Ngicela nibuze lapha ngezansi ngokugeza, ukuze ngizonenzela uhla lwezinto eziyi standard.


Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
Uwachitha kephi amanzi uma ungatshelwanga ukuthi wachithe kephi
 

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha