Umayisaka obovu or obomvu wenzani

Umayisaka obovu umuthi wenzani? Uyangena kumuthi we business. Uyangena emthini wokususa isichitho, uyangena emthini wokususa isinyama, uyangena emthini wedlozi. Uyangena emthini yomsebenzi. Uyangena kwincweba yasokhalweni. Uyabelethela egcekeni. Uyangena emthini yokubuyisa okulahlekile, uyangena kwisikhafulo, uyangena emithini yokudlula emaphoyiseni, ezigebengwini, nakumapara

isibunge seshishini

isibunge sesigodlo sokuletha abantu esigodlweni, noma une business lakho noma isitolo lesibunge siyasebenza kakhulu ukulanda abathengi beze esitolo sakho.

umuthi wokulanda isikweletu kulabo abakukweleta imali.

Mthathe/Mthathi isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokuhlonipheka, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini we business, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokuxosha izilwane, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokuphindisela kumthakathi nokucupha umthakathi. umthathe njengoba igama lisho uyawutshela ukuthi awumthathe uthathkwa neminye imithi uma uwutshelile, uthakwe kahle, uyamthatha ngempela lowomuntu.
Mthole isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisikhafulo, uyangena kumuthi wokuthandeka, uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini yedlozi.
Mndiza isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisikhafulo. umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokususa isichitho.
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
 

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha