uvutha umuthi uhlukene kathathu kunovutha oyitshe uma uwufaka emanzini uvele ubile njengelahle , uyawuphuza ukukhipha idliso. Uvutha oyisiwasho, Lowovutha oyitshe uyakwazi ukwenza isiwasho sedliso ngawo. Uvutha wesibili uyikhandlela uyancibilika , lowovuma uyatholakala olwandle. uvutha wenza ukuthi umuntu ashe abe umlotha ngaphandle kokulayithwa noma umuzi wonke ushe. umuthi wabathakathi abawusebenzisa ukubhubhisa. Uvutha ungumuthi oyingozi , umlilo wakhona uvutha ungaziwa uqhamukephi, futhi awucishwa ngumuntu, awucisheki. Lomuthi ujwayele ukusetshenziswa izigangi lapho abantu beshada kuvele kuvuthe imoto. uvutha oyisihlahla uthatha igxolo uwuphuze uwuhlanganise neminye imithi bese uvakashela othanda naye, akasoze afuna omunye umuntu ngaphandle kwakho.
kunoyikhubalo, kunoyitshe, kunoyigxolo. uyangena emthini yokuphindisa izinto emuva. uvutha uyangena emthini yokwenza ilumbo.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
Comments | |
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
|